fbpix

“Bantu bakithi ngiyanibingelela.
Njengomunye wabasebenzi noma abadayisi balenkampani yakwa Property time, ngithi angizwakalise uvo lwami ezizweni zasemzansi, ikakhulukazi lezo eziluzwayo nezilwaziyo lolulimi lwesiZulu.
Senginesikhathi ngiyisebenzela lenkampani edayisa imizi, imihlaba, kanye nezakhiwo ezinkulu zezohwebo olunhlobonhlobo. Selokhu ngaqala ukusebenza phansi kwayo sengifunde okuningi okusha nalokho
Ebengingakuqondi sengiyakuqonda. Ingivulile amehlo ngokolwazi lomsebenzi ngokwami ukubona.
Inesandla esihle kubasebenzi bayo , kanti futhi iyamfundisa umuntu ngendlela yokuziphatha kahle. Usizo oludingekayo mayelana nomsebenzi, uluthola lonke ngaphakathi. Uma umuntu efuna ukwazi ukuthi
Lokho afuna ukukudayisa, njengendlu , iplazi njalo njalo, angakudayisa ngamalini , lenkampani inayo indlela esemthethweni yokumtholela ukuthi angayidayisa ngamalini , ngendlela futhi engeke yalimaza
Noma imxoshele abathengi. Umuntu osizwa abasebenzi balenkampani uphathwa ngezandla ezintofontofo uma kusingathwa udaba lwakhe, luze lufike ekugcineni.

Kwabayisebenzelayo, kuke kube khona nesikhathi sokushaywa umoya nje kuyongcebelekwa ezindaweni eziphambili nasema hotela izinsukwana ezimbalwa. Lapho ke kusuke kubhungwa ngawo umsebenzi
Nangemvelaphi nomlando wayo lenkampani. Ngendlela okuba mnandi ngayo , umuntu uze afise ukuthi kuqhubeke njalo kungapheli. Kodwa ke isikhathi esiningi esomsebenzi lapho kumele sizosiza khona
Abathengi nabadayisi , okuyibona baqashi bethu abakhulu. Uma sethembeke kubo nesikhathi sonke, sokwazi ukuxosha ikati eziko. Nakubo abathengi nabadayisi bethu Siyabonga ukubambisana okuhle.
Niyacela ukuthi bangenqeni ukusazisa lapho siphaphalaza khona, bancome futhi lapho senza khona kahle.
Thina njengabasebenzi nabadayisi bempahla bakwa Propertytime, sizimisele ukuba usizo kubobonke abantu esisebenzisana nabo ngezikhathi zonke. Siyawunxusa umphakathi ukuthi ungesabi ukusithinta
Uma udinga usizo kithi.”